Kulungiselelwa ukutholakala, ukuba nakho, ukuncibilikisa, ukucolisa, ukunikeza abafanele, ukusetshenziswa kanye nokuchithwa kokusansimbi eyigugu; kanye nokubhekela okunye okuhambisana nalokhu.
a Okusansimbi eyigugu i okungacwengiwe kumbandakanywa ukuqoqana nokubumbana, noma okucwengiwe kwaba sezingeni elingaphansi kwama-99,9% futhi kungakafakwa enqubeni yokwakhiwa noma ukukhiqizwa ngaphandle kokucwengwa noma kwenziwe insimbi kodwa hayi insimbi egxotshiwe, isigaxa sensimbi/segolide, inkinobhu, ucingo, ipuleti, isiponji, okusampushana , izinhlamvu, ngaphandle kwezinhlamvu ezenziwe ngokusansimbi okuhluziwe kwaba sezingeni elingama-99,9% noma ngaphezulu, nesilinganiso segolide okuxutshiwe; noma ii okumiswe njengesithako, into ebonakalayo noma umkhiqizo walolohlobo, into ebonakalayo noma umkhiqizo obalwe ohlwini lwendima a ii; noma b nanoma iyiphi into noma isithako esiqukethe noma esinokusansimbi eyigugu okukhulunywa ngakho endimeni a kodwa lokhu akumbandakanyi nanoma iyiphi into enokwenza ngokufunda ngezinto zakudabuka noma eyenziwe noma yakhiqizelwa ukusetshenziselwa okukodwa noma okuningi kwezimboni, ezobungcweti noma ukusetshenziselwa ubuciko.
c ukukhuthaza ukuthuthuka ngendlela eyiyo kwamabhizimisi okusansimbi eyigugu eRiphabhulikhi; kanye d ukunquba izinhloso zokufukulwa ngokwezomnotho nenhlalo okubanzi njengoba kunqunyiwe.
b ukwaluleka uNgqongqoshe nganoma yiluphi undaba oluphathelene noma okukhulunywa ngalo kuloMthetho oludluliselwe kuye nguNgqongqoshe; kanye c jikelele, ukwenza yonke imisebenzi edingekayo noma ebalulekile ukuze kufezeke izimpokophelo zakhe.
b ngezikhathi ezithile ukuphakamisa izincomo kuNgqongqoshe mayelana nanoma iluphi undaba oluphathelene naloMthetho; kanye c ukuqoka noma imuphi umuntu osebenzela yena uMlawuli ukuba abe nguMhloli enze umsebenzi onqunywe ukuba wenziwe ngumhloli.
e lokho okusansimbi eyigugu engabunjiwe kungadluli isisindo esinqunyiwe futhi kutholakale ngokulandela imvume ekhishwe nguMlawuli ngenhloso yokuzuzisa noma yezesayensi noma ukwenza ubucwebecwebe; noma f ephethe noma enelayisensi yokunikwa okusansimbi eyigugu futhi enza noma elandela izimiso nemibandela yelayisensi yakhe.
UMlawuli anganikeza kuphela isitifiketi okukhulunywa ngaso kusigatshana 1 d kumuntu ngokuxhumana noSikhwama kaZwelonke, kanti uma kuphathelene negolide, kanye noKhomishani kaZwelonke.
a eyilowo muntu okukhulunywa ngaye esigabeni 1; noma b abe enalokho okusansimbi eyigugu ngokugcwalisa noma ngokuhambisana nesivumelwano sokusebenzela omunye umuntu okukhulunywa ngaye esigabeni 1.
Akekho umuntu ongethula noma alethe okusansimbi eyigugu engabunjiwe ukuze akhokhe isikweletu sakhe, noma sanoma yimuphi omunye umuntu noma ngokubhekela insiza ayinikeziwe noma okumele kwenziwe nguye noma nanoma yimuphi omunye umuntu.
Ngumuntu okukhulunywa ngaye kulezi zigatshana 1 a, c, e noma f kuphela ongakwazi ukwenza, ukuncibilikisa noma ukuguqula uhlobo lwanoma yikuphi okusansimbi eyigugu engabunjiwe anakho ngokulandela okushiwe kulezo zigatshana.
f enelayisense yokuzuza kokusansimbi eyigugu;noma g enemvume yokuba ngumenzi wobucwebecwebe.
a okukhulunywa ngaye esigatshaneni 1; noma b ephethe lokho okusansimbi eyigugu ngokugcwalisekisa isivumelwano sokusebenzela noma yimuphi umuntu okukhulunywa ngaye esigatshaneni 1.
b kufanele akhumbule izidingo zoMqulu wokufukulwa ngokwezomnotho nenhlalo okubanzi okumiswe ngokulandela okushiwo isigaba 100 soMthetho wokuThuthukisa Imithombo yezokuMbiwa nePhetholiyamu ka-2002 uMthetho onguNombolo 28 ka-2002; futhi c angenza uphenyo mayelana nesicelo uma ebona kufanele.
Noma iyiphi inqubo yokuphatha eyenziwe noma isinqumo esithathwe ngokulandisa kwaloMthetho kumele kwenziwe noma kuthathwe ngokulandela uMthetho WokuKhuthaza ukuPhatha ngoBulungiswa ka-2000 uMthetho onguNombolo 3 ka-2000, ngaphandle uma loMthetho usho okunye.
i ngokulandela izimo nemibandela yelayisensi yakhe nokushiwo yiloMthetho kuMkhiqizi wensimbi eNingizimu Afrika noma yinoma yimuphi umuntu okukhulunywa ngaye esigabeni 4 1 a, b, d, e noma f; noma ii ohlotsheni lokubunjwe ngokungaphelele kumuntu okukhulunywa ngaye esigabeni 5 1 a, b, d, e, f noma g.
e ukuthenga noma ukuthola kulowo onelayisensi yokucwenga noma onelayisensi yokuzuza ngokusansimbi eyigugu , umthengisi onegunya noma umkhiqizi noma iyiphi into noma okuxutshiwe anakho ngokusemthethweni , umthengisi ogunyaziwe, noma umkhiqizi onokusansimbi eyigugu futhi akhiphe kuleyonto noma okuxutshiwe okusansimbi eyigugu bese echitha noma athengise lokho okusansimbi eyigugu ngokuhambisana nezimiso nemibandela yelasensi yakhe nokushiwo yiloMthetho; noma f ukuthenga kwamanye amazwe okusansimbi eyigugu okungabunjiwe noma okungalungisiwe ngokuphelele akulethe lapha eRiphablikhi ngaphansi kwezimiso nemibandela yelayisensi yakhe.
b angayalela uMlawuli ukuthi anikeze lowo muntu ilayisensi, ngokuhambisana nokushiwo lapha ngezansi kulesi sigaba; noma c enze noma yisiphi isinqumo angabona sifanele.
Ngaphambi kokuba uMlawuli anikeze ilayisensi yokucwenga ofake isicelo selayisensi kumele akhokhe izindleko ezinqunyiwe.
Ilayisensi yokucwenga iyaphela ngokulandela izimo nemibandela eyakhishwa phansi kwazo.
Lowo onelayisense yokucwenga angakwazi ukwenza yinoma yimuphi umsebenzi ogunyazwe yilayisensi kunoma iyiphi enye indawo noma endaweni yokusebenzela echazwe elayisensini noma echazwe yimvume eyengezelwe elayisensini ngokusho kwesigatshana 6, futhi lowo onelayisensi angeze atholakala ephethe noma enokusansimbi eyigugu kunoma yiyiphi indawo ngaphandle kwasendaweni yakhe yokusebenzela noma endaweni echaziwe ngaphandle uma ethutha okusansimbi eyigugu engabunjiwe ngokuhambisana nokushiwo isigaba se-11.
a Uma kwenzeka noma ngasiphi isikhathi kuba nesidingo sokuthi lowo onelayisensi yokucwenga yokudlulisa noma ukwandisa imisebenzi okukhulunywa ngayo esigatshaneni 5 kunoma iyiphi indawo yokusebenzela noma indawo engachaziwe kulayisensi yakhe uMlawuli, ngemuva kokuxhumana okukhulunywa ngakho esigabeni 1, angabhala kulayisensi yalowo muntu leyo ndawo entsha eyengeziwe kanti kufanele abhale ngokushesha azise uSikhwama kaZwelonke noKhomishani kwaZwelonke ngaleyo ngawo entsha eyengezelwe.
bUkwengezelelwa kwemvume okukhulunywa ngakho endimeni a akuvumeli lowo onelayisensi lokucwenga ukuba aqhube umsebenzi wakhe kulendawo entsha eyengeziwe noma ngegama elehlukile kuleli laleyo ndawo ekhona yokusebenzela.
c Uma lowo onelayisensi yokucwenga efisa ukwenza umsebenzi kunoma iyiphi enye indawo ngaphansi kwegama elehlukile kulelo elisetshenizwa endaweni akuyo, kufanele afake isicelo selayisensi entsha ngokuhambisana nendawo noma indawo yokusebenzela eyengeziwe.
a Ngemuva kokuxhumana okukhulunywa ngakho esigatshananeni 1, uMlawuli angavuselela ilayisensi yokucwenga esinye isikhathi esingafika eminyakeni engama-30, ngokukhokha imali enqunyiwe unyaka nonyaka uma kufakwe isicelo sokuvuselela lokho kusasele okungenani izinsuku ezingama-30 ngaphambi kokuba ilayisensi iphelelwe isikhathi.
b Isigatshana 2 siyosebenza, kuyokwenziwa izinguquko ezidingekayo, ondabeni oluphathelene nokwenqatshwa noma ukuchithwa nguMlawuli kwanoma isiphi isicelo selayisensi njengoba kushiwo endimeni a.
a UMlawuli enqaba noma echithwa noma isiphi isicelo sokuvuselela ilayisensi yokucwenga esenziwe ngokwesigatshana 7 futhi kungabi nokubuyekeza noma isikhalo esifakiwe maqondana nalokhu kwenqatshwa, noma, yinoma yikuphi ukubuyekezwa noma isikhalo ezinjalo sizochithwa.
c noma iyiphi ilayisensi esuliwe ngaphansi kwaloMthetho; noma d imisebenzi egunyazwe yileyo layisensi imiswa ngqi noma ingasaqhutshwa lowo muntu obenelayisensi kufanele ngokushesha athumele kuMlawuli isimemezelo esifungelwe sesisindo sokusansimbi eyigugu engabunjiwe anayo ngosuku okuphele ngaso isikhathi selayisensi noma yenqatshelwa noma isulwa noma imisebenzi enjena yamiswa, futhi kumele alahle noma achithe lokho okusansimbi eyigugu ngokuhambisana noMthetho zingakapheli izinsuku ezingama-30 ngemuva kwesimemezelo leso noma esinye isikhathi eside esingamiswa uMlawuli.
Lowo ophethe ilayisensi yokucwenga ekhishwe ngaphansi kwalesi sigaba kufanele ngokushesha abhale azise uMlawuli ngokuziphatha okungekho emthethweni okuphathelene nokusansimbi eyigugu anxuswe noma acelwe ukuba abambe kukho iqhaza noma anxuswe ukuba akwenze lula.
a thenga noma ukuthola okusansimbi eyigugu engalungisiwe ngokuphelele nganoma yisiphi isimo kunoma yimuphi umuntu onikezwe igunya ngaphansi kwaloMthetho lokuthengisa, ukusebenzisana noma ukulahla noma ukuchitha okusansimbi eyigugu ebunjwe ngokungaphelele; kanye b nokulungisa, ukuguqula isimo nokwengezelela ubugugu nganoma iyiphi indlela kokusansimbi eyigugu engabunjiwe anakho ngokusemthethweni.
b ukutshela uMlawuli ukuthi anikeze lowo muntu ilayisensi, iqobo nje uma kuphumelela imibandela yalesi sigaba; noma c enze noma yisiphi isinqumo abona sifanele.
Ngaphambi kokuba uMlawuli anikeze ilayisensi yokucwenga ofake isicelo selayisense kumele akhokhe imali enqunyiwe.
Lowo onelayisensi yokunikeza ubunikazi kufanele agcine izincwadi noma amabhuku ezimali ngokuhambisana nezijwayelo sokugcinwa kwamabhuku ezamukelekile futhi kufanele athumele lolo lwazi olunganqunywa kuMlawuli njalo ngonyaka zingakapheli izinsuku ezingama-90 ngemuva kokuphela konyakamali. 5 Ilayisensi yokunikwa inzuzo yokusansimbi eyigugu iphela ngokuhambisana noma ngokusho kwemibandela eyakhishwa ngaphansi kwayo.
Lowo onelayisensi yokunikeza ubunikazi yokusansimbi eyigugu akakwazi ukuqhubeka nokwenza umsebenzi ogunyazwe yilayisensi kwenye indawo noma indawo yokusebenzela ekulayisensi noma echazwe yinoma yiyiphi imvume yaleyo layisensi ngokulandela isigatshana 7, futhi oyiphethe akumele abe ephethe okusansimbi eyigugu okubunjwe ngokungaphelele kunoma iyiphi enye indawo kunaleyo echaziwe uma kuphela ethutha lokhu okusansimbi eyigugu ngokuhambisana nesigaba 11.
aUma nganoma yisiphi isikhathi kuba nesidingo sokuthi ophethe ilayisensi yokunikeza ubunini bokusansimbi eyigugu adlulise, noma andise/engezelele imisebenzi okukhulunywa ngayo kusigatshana 6 kunoma iyiphi enye indawo noma indawo yokusebenzela echazwe kulayisensi yakhe, uMlawuli angavumela abhale kulayisensi isimo sendawo yokusebenzela entsha noma eyengeziwe futhi kufanele abhale azise ngokushesha uKhomishani kaZwelonke ngemvume.
b Ukubhalwa kokwengezelela okukhulunywa ngakho endimeni a akuvumeli ophethe ilayisensi yobunini bokusansimbi eyigugu ukuthi enze umsebenzi ukusuka endaweni noma endaweni yokusebenzela eyengeziwe ngaphansi kwegama elehlukile kulelo alisebenzisa endaweni noma endaweni yokusebenzela yamanje.
c Uma lowo ophethe ilayisensi yokunikeza ubunini efisa ukwenza umsebenzi kunoma iyiphi enye indawo ngaphansi kwegama elehlukile kulelo elisetshenizwa endaweni akuyo, kumele afake isicelo selayisensi entsha ngokuhambisana nendawo noma indawo yokusebenzela eyengeziwe.
a UMlawuli angavuselela kabusha ilayisensi yokunikeza ubunini ngokuqhubekayo esikhathini esingedluli iminyaka eyi-10, ngokukhokha imali enqunyiwe unyaka nonyaka uma isicelo sokuvuselela kabusha esifana nalesi esenziwa ezinsukwini ezingama-30 ngaphambi kokuphela kwelayisensi.
a UMlawuli enqaba noma echithwa noma yisiphi isicelo sokuvuselela ilayisensi yokucwenga esenziwe ngokwesigatshana 7 futhi kungabi nokubuyekeza noma isikhalo esifakiwe maqondana nalokhu kwenqatshwa, noma, yinoma yikuphi ukubuyekezwa noma isikhalo ezinjalo sizochithwa.
c noma iyiphi ilayisensi esuliwe ngaphansi kwaloMthetho; noma d imisebenzi egunyazwe yileyo layisensi imiswa ngqi noma ingasaqhutshwa lowo muntu obenelayisensi kufanele ngokushesha athumele kuMlawuli isimemezelo esifungelwe sesisindo sokusansimbi eyigugu engabunjiwe anayo ngosuku okuphele ngaso isikhathi selayisensi noma yenqatshelwa noma isulwa noma imisebenzi enjena yamiswa, futhi kumele alahle noma achithe lokho okusansimbi eyigugu ngokuhambisana noMthetho zingakapheli izinsuku ezingama-30 ngemuva kwesimemezelo leso noma esinye isikhathi eside esingamiswa uMlawuli.
Lowo ophethe ilayisensi yokunikwa inzuzo ngokusansimbi okuyigugu ekhishwe ngaphansi kwalesi sigaba kufanele ngokushesha abhale azise uMlawuli ngokuziphatha okungekho emthethweni okuphathelene nokusansimbi eyigugu anxuswe noma acelwe ukuba abambe kukho iqhaza noma anxuswe ukuba akwenze lula.
c ukuchitha noma yikuphi okusansimbi eyigugu engalungisiwe ngokuphelele anakho.
b ukutshela uMlawuli ukuthi anikeze imvume leyo kuloyo muntu, iqobo nje uma kuphumelela imibandela yalesi sigaba; noma c enze noma isiphi isinqumo asibona sifanele.
Ngaphambi kokuba uMlawuli anikeze imvume yobucwebecwebe ofake isicelo semvume kumele akhokhe imali enqunyiwe.
Imvume yobucwebecwebe iphela ngokulandela izimo nemibandela ekhishwe ngaphansi kwayo.
Imvume yobucwebecwebe ayinikezi lowo onemvume ilungelo lokuyofuna okusansimbi eyigugu okungasetshenzisiwe ngaphandle kokunikezwa imvume ekhethekile okukhulunywa ngayo esigabeni 41 e.
aUMlawuli angavuselela kabusha imvume yobucwebecwebe isikhathi esingedluli eminyakeni emihlanu ngemuva kokukhokhwa kwemali enqunyiwe uma isicelo sokuvuselelwa kabusha sifakwe okungenani ezinsukwini ezingama-30 ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi kwemvume.
b Isigatshana 2 siyosebenza, kuyokwenziwa izinguquko ezidingekayo, ngokuphathelene nokwenqatshwa nguMlawuli kwanoma yisiphi isicelo ngaphansi kwesigaba a.
a UMlawuli enqaba noma echithwa noma yisiphi isicelo sokuvuselela imvume yobucwebecwebe esenziwe ngokwesigatshana 6 futhi kungabi nokubuyekeza noma isikhalo esifakiwe maqondana nalokhu wenqatshwa, noma, yinoma yikuphi ukubuyekezwa noma isikhalo sichithwa.
noma yiyiphi imvume yobucwebecwebe esuliwe ngaphansi koMthetho; noma c imisebenzi ephathelene nale mvume imiswa ngokungaguquki, yilowo onemvume kumele azise uMlawuli ngesimemezelo esifungelwe ngesisindo sanoma yikuphi okusansimbi eyigugu engalungisiwe ngokuphelele abenakho ngenkathi imvume yakhe iphelelwa yisikhathi noma yenqatshelwa noma yesuliwe noma imisebenzi leyo imisiwe, futhi kumele alahle okusansimbi eyigugu okunje ngokulandela uMthetho ezinsukwini ezingama-30 ngemuva kwesimemezelo noma esinye eikhathi esengeziwe esingavunyelwa nguMlawuli.
Ophethe imvume yobucwebecwebe kumele agcine izincwadi ezifanele zamabhuku ezimali ngokuhambisana nezijwayelo zokugcinwa kwamabhuku ezamukelekile futhi kufanele athumele lolo lwazi kuMlawuli njengoba kunqunyiwe njalo ngonyaka ngaphambi kokuphela kwezinsuku ezingama-90 ngemuva kokuphela konyaka wezimali webhizimisi yophethe.
Ophethe imvume yobucwebecwebe angeke akwazi ukuqhubeka nokwenza umsebenzi onikezwe imvume yilayisensi kwenye indawo noma indawo yokusebenzela ekumvume noma echazwe yinoma iyiphi imvume yaleyo mvume ngokulandela isigatshana 10, futhi lowo ophethe imvume akumele aphethe noma abe nokusansimbi eyigugu enabunjiwe ngokungaphelele kunoma yiphi enye indawo kunaleyo echaziwe, ngaphandle uma ethutha lokhu okusansimbi eyigugu ngokuhambisana nesigaba1.
aUma nganoma yisiphi isikhathi kuba nesidingo sokuthi onemvume yobucwebecwebe bokusansimbi eyigugu njengoba kuchazwe ngaphansi kwesigatshana 9 kunoma iyiphi indawo noma indawo yokusebenzela echazwe yimvume yakhe uMlawuli angavumela kulayisense isimo sendawo yokusebenzela entsha noma engeziwe futhi kumele abhale azise uKhomishina kaZwelonke ngemvume.
b Ukuvuma okukhulunywa ngakho endimeni a akuvumeli ophethe imvume yobucwebecwebe bokusansimbi eyigugu ukuthi enze umsebenzi ukusuka endaweni noma endaweni yokusebenzela eyengeziwe ngaphansi kwegama elehlukile kulelo alisebenzisa endaweni noma endaweni yokusebenzela yamanje.
c Uma ophethe imvume yobucwebecwebe efisa ukwenza umsebenzi kunoma iyiphi enye indawo ngaphansi kwegama elehlukile kulelo elisetshenizwa endaweni akuyo, kumele afake isicelo selayisensi entsha ngokuhambisana nendawo noma indawo yokusebenzela eyengeziwe.
Ngokuhambisana nokushiwo esigatshaneni , akekho umuntu ongangenisa eRiphabhuliki noma yikuphi okusansimbi eyigugu okungalungisiwe noma okubunjwe ngokungaphelele.
i noma imuphi umuntu okukhulunywa ngaye esigabeni 4 1a, b, c, d, e noma f ngefomu enqunyiwe imvume evumela lowo muntu ukuba athenge kamanye amazwe angenise lapha eRiphabhulikhi okusansimbi eyigugu engabunjiwe noma engalungisiwe ngokuphelele; noma ii noma imuphi umuntu okukhulunywa ngaye esigabeni 5 1 a, b, d, e, f noma g ngefomu elinqunyiwe imvume evumela lowo muntu ukuba athenge kwamanye amazwe angenise eRiphabhulikhi okusansimbi eyigugu okungalungisiwe ngokuphelele.
b Umuntu okukhulunywa ngaye endimeni a kufanele enze izifungo futhi athumele kuMlawuli ubufakazi ngombhalo onqunyiwe ngemvelaphi yalokho okusansimbi eyigugu c Imvume yokuthenga impahla kwamanye amazwe okukhulunywa ngayo endimeni a iyosebenza isikhathi esingeke saba ngaphezulu konyaka owodwa..
UMlawuli noma elinye ilunga loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, noma yisiphi isikhathi angakuhlola noma yikuphi okusansimbi eyigugu okukhulunywa ngakho esigabeni 2 futhi lithatha isampula noma ingxenye elingene ukuze liyobheka noma liqinisekise imvelaphi nokuqukethwe yilokho okusansimbi eyigugu.
Imvume ekhishwe ngokulandela okushiwo isigatshana 2 kufanele iveze noma likhombise yalokho okusansimbi eyigugu okukhulunywa ngakho, inhloso yokuthengwa kwakho kwelinye izwe kanye neminye imininingwane enqunyiwe.
c ephula noma ehluleka ukulandela okushiwo yilo Mthetho; noma d eboshelwe icala ngaphansi kwaloMthetho noma elinye ecala elimbandakanya ukukhwabanisa, ukweba, inkohlakalo nokuguqula imbhalo.
Akekho umuntu ongathengisela elinye izwe noma akhiphe kulelizwe igolide engabunjiwe noma engalungisiwe ngokuphelele ngaphandle uma ethole imvume kuSikhwama kaZwelonke ngokoMthethonkambiso wokuLawula Ukushintshisana owenziwe ngophansi koMthetho Wezimali kanye Nokushintshiselana, ka-1933 (uMthetho ongunombolo 9 ka-1933), imvume iyonikezwa ngokuvumelana noNgqongqoshe.
Akekho umuntu ongathengisela elinye izwe noma akhiphe kulelizwe noma yikuphi okusansimbi eyigugu okungabunjiwe noma okungalungisiwe ngokuphelele komndeni noma umhlambi weplathinamu ngaphandle kwemvume ebhaliwe enikwe nguNgqongqoshe, eyonikezwe ngokulandela inqubo yokutholakala ngokulinganayo nokuthula nokuzuza kwabantu bendawo lapho okusansimbi kumbiwa khona.
Ukuthuthwa Nokuhanjiswa kokusansimbi eyigugu a 13. Umuntu angeze athutha noma ngayiphi indlela noma yikuphi okusansimbi eyigugu engalungisiwe ngokuphelele noma engabunjiwe ngaphandle kwemingcele yanoma iyiphi imayini, indawo yokusebenza noma enye impahla noma indawo lapho lokho okusansimbi kumbiwa khona, kucwengwe noma kusetshenzwe ngakho ngaphandle kokuthi lowo muntu abe ephethe izincwadi ezinqunyiwe.
Umthengisi osemthethweni angathenga okusansimbi eyigugu noma okunhloboni ukuze achithe okusansimbi eyigugu engalungisiwe ngokuphelele noma engabunjiwe ngokwaloMthetho ngemuva kokuthi lowo umuntu ekhombise umthengisi ilayisensi, imvume noma isitifiketi esimnikeza imvume yokuchitha okusansimbi eyigugu.
Lapho kunokuthengiselana phakathi komthengisi osemthethweni kanye nophethe isitifiketi ekukhulunywa ngaso esigabeni 41d noma 51d umthengisi ogunyaziwe isikhathi esinqunyiwe.
Nanoma yimuphi umuntu onelayisense yokucwenga, noma onelayisensi yokuzuza kokusansimbi eyigugu noma umthengisi ogunyaziwe noma umkhiqizi ogcina ngokuphepha, athole, akhipha noma achithe ngenye indlela okusansimbi eyigugu okungabunjiwe kufanele agcine irejista noma umqulu ngendlela enqunyiwe futhi awugcine isikhathi esinqunyiwe okhombisa konke okusansimbi akugcinile, akutholalile, akukhiphile noma akuchithe noma ngayiphi indlela.
Intengo, uma ikhona, etholiwe noma ekhokhiwe.
a athumele kuMlawuli, njalo ezinyangeni ezine, amakhophi noma umfanekiso oyiqiniso ngamibili alowo mqulu noma ilegista okubhaliswa kuyo lokho okunziwe ezinyangeni ezine ezedlule kanye nesifungo esiqinisekisa ubuqiniso balowo mbhalo; kanye b aveze futhi abeke obala lowo mqulu noma ilegista uma eceliwe ukuba enze njalo ngokwesigaba 3 2 c noma iLunga loMbutho wamaPhoyisa waseNingizimu Afrika elisezingeni likaSayitsheni noma ngaphezulu.
a Izigatshana 1 kanye no-2 zihambisana nezinguquko ezidingekayo futhi ngokuhambisana nendima b ziyosebenza kulowo ophethe ilayisensi okukhulunywa ngaye endimeni 2 1 a.
b UNgqongqoshe angaxolela noma imuphi umuntu okukhulunywa ngaye endimeni a ukuba kungasebenzi kuye izigatshana 1 no 2.
Akukho lwazi noma imininingwane ethunyelwe ngokwesigatshana 2 a olungadalulwa kunoma imuphi umuntu uma luqukethe ulwazi noma imininingwane olunikwe ngokwethembeka yilowo onikele ngolwazi noma imininingwane.
e yalela ukuba likhonjiswe futhi lihlole noma iyiphi ilayisensi, imvume, isitifiketi noma umbhalo ofanele ukuhlolwa; futhi f lingathatha amasampula anoma iyiphi into efanele ukuhlolwa.
a likhiphe futhi linikeze irisidi yalokho okuthathiwe noma okususiwe kumnikazi noma umuntu ophethe kuleyondawo; futhi b ngaphandle uma into leyo umnikazi noma umuntu lowo engavunyelwe ukuyiphatha noma ukuba nayo ngokwaloMthetho, liyiphindisele ngokushesha okulindelekile ngemuva kokwenza umsebenzi ebeliyithathele wona.
b anikeze ulwazi analo oluphathelene nendaba oluphenywayo; futhi c anikeze usizo olulindelekile olungadingwa yilunga ukuze likwazi ukwenza umsebenzi walo ngokwaloMthetho ngempumelelo.
Ngaphambi kokuphonsa imibuzo kunoma imuphi umuntu okuleyo ndawo, ilunga loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika kufanele leluleke lowo muntu ngelungelo lakhe lokusizwa ummeli ngaleso sikhathi, futhi livumele lowo muntu ukuthi asebenzise lelo lungelo.
a ngokuphathelene nendawo lapho okukholelwa ukuthi kwephulwe loMthetho noma kwephulwa lo Mthetho; futhi b uma kuvela olwazini olunikwe ngaphansi kwesifungo ukuthi kunobufakazi obesekelwe obeza kukholakale ukuthi kuleyo nawo kwephulwe loMthetho.
Incwadi yokugunyaza ingabeka imibandela efinyeza noma inciphise amandla elunga loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
sekuphele inyanga eyodwa kusukela ngosuku eyakhishwa ngalo; noma iv inhloso ebikhishelwe yona ayisekho noma isiphelelwe isikhathi noma ikuphi okwenzeka kuqala; futhi b kufanele isetshenziwe emini ngaphandle uma umuntu oyikhiphile egunyaze ukuthi ingasetshenziswa ebusuku.
Ngenhloso yalesi sigaba "indawo " isho noma yisiphi isakhiwo noma ibhilidi noma ithende kanye nomhlaba okwakhiwe kuwo kanye nomhlaba oncikene nawo osetshenziswa ngokufanayo futhi kumbandakanywa noma yimuphi umhlaba okungakhiwe sakhiwo noma ithende kuwo noma iyiphi imoto, indiza, umkhumbi noma yinoma iyiphi enye indlela yokuthutha.
a limemeze kuzwakale ukuthi ugunyaziwe ukuba angene kuleyo ndawo bese ephoqelele ukuvunyelwa ukungena kuleyo ndawo; futhi b lazise umuntu ophethe kuleyo ndawo ngenhloso yokungena, ngaphandle uma enesizathu sokukholelwa ukuthi ukumemeza noma ukwazisa okunjalo kungayibulala noma kungathikameza inhloso yophenyo.
Ilunga loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika lingakwazi ukulwa nokwenqatshelwa ukungena nokusesha ngokusebenzisa amandla noma undluzula elingene, okungambandakanya ukwephula umnyango noma amafasitela kuleyo ndawo.
a umuntu onelungelo lokuvumela evuma ukuba kusetshenziswe lawo mandla, ebe ephelekezelwa uMhloli oqashwe ngokusho kwesigaba 3 2 c ; noma b kunenkolelo enesisekelo ukuthi incwadi egunyazayo izokhishwa ngokwesigaba 165 kanye nokuthi ukuphuza ukuthola incwadi egunyazayo kungabulala noma kuthikameze inhloso yencwadi egunyazayo.
Ilunga loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika kufanele libhekane futhi lichithe noma iyiphi into ethathwe ngendlela emiswe kuSahluko 2 soMthetho weNqubo yoBugebengu, ka-1977(uMthetho ongunombolo 51 ka-1977).
b othenga okusansimbi eyigugu engabunjiwe noma engalungisiwe ngokuphelele engazange azenelise ukuthi umthengisi ugunyaziwe umthetho ukuba athengise noma achithe lokho okusansimbi; noma c ngenhloso embi abeke noma yikuphi okusansimbi eyigugu engabunjiwe noma engalungisiwe ngokuphelele ezandleni zomuntu noma endaweni yanoma imuphi umuntu ngamabomu ukuze lowo muntu alahlwe icala ngaphansi kwaloMthetho, ukubekwa icala uma elahlwa icala uyohlawuliswa imali engeze yeqa esigidini samarandi noma ukubhadla ejele isikhathi esingeke saba ngaphezulu kweminyaka engama-20 noma kokubili inhlawulo yemali nokuboshwa.
c othi engumthengisi osemthethweni okukhulunywa ngaye esigabeni 141, ahluleke ukuthola nokugcina isitifiketi okukhulunywa ngaso esigabeni 14 2; noma d ehluleka ukulandela noma yisiphi isicelo esisemthethweni sokukhipha nokuveza irejista noma izincwadi ezifanele okudingeka azigcine ngokusho kwaloMthetho, unecala futhi uma elahlwa icala angakhokhiswe inhlawulo engevile ezinkulungwaneni ezingamakhulu amahlanu amarandi noma afakwe ejele iminyaka engedluli kweyi-10 noma kokubili inhlawulo kanye nokuboshwa.
Uma yinoma yimuphi umuntu eboshiwe ngokusho kwesigatshana 1 noma 2 ngenkathi eboshwa enelayisense, imvume noma isitifiketi okukhulunywa ngaso kuloMthetho, uzakulahlekelwa yilungelo laleyo layisense, imvume noma isitifiketi kanye nanoma yiliphi ilungelo lokuvuselelwa kwalokhu isikhathi esiyonqunywa yinkantolo emlahle ngecala.
Ukuchithwa kokusansimbi eyigugu a Ekulahlweni yicala kwanoma yimuphi umuntu ngecala noma ubugebengu obuphathelene nokusansimbi eyigugu, uma inikeza isigwebo inkantolo inganquma ukuthi lokho okusansimbi eyigugu alahlwe yicala ngakho kubuyiselwe kumninikho, uma inkantolo igculisekile ngobunini.
b Uma inkantolo ingagculisekile ngobunini balokho okusansimbi eyigugu kuyonikezwa noma kuyothathwa umbuso.
Uma umnikazi wanoma iyiphi imayini engagculisa inkantolo noma iphoyisa elithintekayo ngokulingana kokungenzeka ukuthi okusansimbi eyigugu okungabunjiwe noma okungalungisiwe ngokuphelele osekunikezwe noma okuzonikezwa umbuso ngokwalesi sigaba, uMthetho weNqubo yobugebengu ka-1977 uMthetho ongunombolo 51 ka-1997 noma, yinoma yimuphi omunye umthetho okwakumbiwa kuleyo mayini futhi okungachithwanga ngumnini wemayini, lokho okusansimbi eyigugu kufanele kubuyiselwe kulowo mnikazi.
Ngaphambi kokubuyisela kwanoma yikuphi okusansimbo okuyigugu kunoma yimuphi umnini mayini ngokusho kwesigatshana 2, inkantolo noma iphoyisa elithintekayo lingayalela lowo mnikazi ukuba avikele umbuso ukuba ungaboshwa noma ungabhekani nezimangalo eziphathelene nalokho okusansimbi eyigugu noma anikeze igaranti ngokuphathelene nalokhu ngokuyala kwenkantolo noma iphoyisa elithintekayo.
Ukunikeza umbuso okukhulunywa ngakho kusigatshana 1 akuthikamezi ilungelo angaba nalo umnini noma imuphi omunye umuntu ngale kwalowo olahlwe icala, kulakho okusansimbi eyigugu, uma lowo muntu egculisa inkantolo ephathekayo ukuthi yena ubengazi ukuthi leyo mpahla ibisetshenziswa noma izosetshenziswa ngenhloso noma ngokuphathelene nokwenziwa kwecala okukhulunywa ngalo noma ayengeke akuvimbele lokho kusetshenziswa.
Noma yimuphi umkhiqizi noma othenga okusansimbi eyigugu kwamanye amazwe kufanele athumele engosini yezocwaningo (Forensic Science Laboratory) yoMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika izifanekiso noma izilinganiso zanoma yikuphi okusansimbi okukhiqiziwe noma okuthengwe kwelinye izwe njengoba kunqunyiwe.
Inhloko yeNgosi yezocwaningo noma umuntu ogunyazwe yiyo kufanele akhe futhi agcine inqolobane yemininingwane equkethe ulwazi ngokuphathelene nokusansimbi okukhulunywa ngakho esigatshaneni 1 njengoba kunqunyiwe.
okokuvala okuvimbela ukuthiinteka noma ukuvula nezitifiketi; kanye viii nokubukeka nobunjalo.
l noma iyiphi enye into enganqunywa noma okufanele inqunywe ngokusho kwaloMthetho; kanye m noma yikuphi okunye okuxhumene noma okuphathelene nokuphatha noma inqubo okufanele ukuba inqunywe ukuze kuphathwe noma kusetshenziswe ngokuyikho loMthetho.
Noma yimuphi umthethonkambiso okukhulunywa ngawo kuzigatshana 1e, f kanye nog ngokuphathelene negolide, ungenziwa kuphela ngokuvumelana noNgqongqoshe wezimali.
Noma yikuphi ukufaka isicelo sesitifiketi noma imvume okukhulunywa ngakho esigabeni 143 soMthetho wamaLungelo eziMayini ka-1967 ukuze kuvuselelwe ilayisensi ngokusho kwesigaba 144 salowo Mthetho noma semvume yobucwebecwebe ngokusho kwesigaba 145 salowo Mthetho ebesingakaphothulwa ngesikhathi lesi sigaba siqala ukusebenza, kufanele siphothulwe sengathi besifakwe ngokwesigaba esihambisana naso kulo Mthetho.
Noma isiphi isitifiketi, imvume noma ilayisensi ekhishwe ngokulandisa koMthetho wamaLungelo eziMayini, ka-1967, futhi ibe isasebenza ngaphambi kosuku lokuqala ukusebenza kwalesi sigaba iyaqhubeka isebenze isikhathi esiyiminyaka emibili kusuka ngosuku okuqale ukusebenza kwalesisi sigaba.
Noma yimuphi umuntu ofisa ukuqhubeka nanoma yimuphi umsebenzi ngokuphathelene nesitifiketi, imvume noma ilayisensi okukhulunywa ngayo esigatshananeni 3 ngemuva kokuphela kwesikhathi ngokwaleso sigatshana kufanele afake isicelo sesitifiketi leso, imvume noma ilayisensi ngokulandisa kwalo Mthetho ngaphambi kokuphelelwa isikhathi.
Uma ngabe umuntu efake isicelo ngokwesigatshana 4 isitifiketi, imvume noma ilayisensi okufakwe isicelo sayo ihlala isebenza kuze kube yisikhathi isicelo sibhekwa ngokwalo Mthetho.
Ngaphandle uma kushiwo okunye kulesi sigaba, noma yini eyenziwa ngaphansi kwanoma imuphi umthetho nomaisigaba esesulwe yilo Mthetho kufanele ithathwe njengeseyenziwe ngaphansi kwesigaba esiqondene noma esihambisanayo saloMthetho.
Lo Mthetho uyakubizwa ngo Mthetho wokusaNsimbi eyiGugu, ka-2005, futhi uyoqala ukusebenza ngosuku oluyomiswa nguMongameli ngesimemezelo ePhephabhukwini loMbuso iGazethi.
UMthetho wamaLungelo eziMayini, ka-1967 (uMthetho ongunombolo 20 ka-1967) wasulwa yisigaba 68 soMthetho wezokuMbiwa, ka-1991 (uMthetho ongunombolo ka-1991) ngaphandle kwezincazelo " zokusanzimbi okuyigugu" kanye " nokusansimbi eyigugu engabunjiwe" esigabeni 1, kanye nasesahlukweni se-XVI (esiphathelene nokusansimbi eyigugu engabunjiwe) uMthetho wezokuMbiwa, ka-1991, wesulwa yisigaba 110 soMthetho wokuThuthukisa Imithombo kaPhethiloli Izibani nezokuMbiwa, ka-2002 (uMthetho ongunombolo 28 ka-2002) ngaphandle kwemibandela yoMthetho wamaLungelo eziMayini, ka-1967 obekwe ngenhla. Isigaba 26 soMthetho wokuThuthukisa Imithombo kaPhethiloli Izibani nezokuMbiwa, ka-2002 unikeza uNgqongqoshe amandla okuthuthukisa ukunikeza ubunini kwanoma iziphi ezokumbiwa uma ezokumbiwa lezo zingakwazi ukuzuzisa ngokomnotho iRiphabhuliki.
Imibandela yoMthetho wezokuMbiwa, ka-1991 uthwalisa abanikazi bokusansimbi eyigugu engabunjiwe ngezinqubo zokuphatha ezinzima futhi unciphisa ukusetshenziswa noma ukuba nokusansimbi eyigugu engabunjiwe ngokungadingekile. Imboni yokusansimbi eyigugu ilawulwa ngokweqile ngenxa yokuzibandakanya kweminyango kahulumeni nezikhungo, okubalwa I-South African Revenue Services ephathelene nekuqoqwa kwentela, Ibhange ngodla (Reserve Bank), uMbutho wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uSikhwama kaZwelonke (National Treasury), kanye noMnyango wezokuMbiwa naMandla. Ukuzuza ngokusanzimbi okuyigugu eRiphabhuliki kukhinyabezwa ukuthi ukukhishwa noma ukuthengisela amanye amazwe akuvimbelekile ngokoMthetho wamaLungelo eziMayini, ka-1991.
UMthethosivivinyo uhlose ukuchitha imibandela esele yoMmthetho wamaLungelo eziMayini, ka-1991, kanye nokunikeza ukuthola, ubunikazi, ukuncibilikisa, ukucwenga, ukunikeza ubunini, ukusebenzisa nokuchithwa kokusanzimbi eyigugu.
a Kuyaphakanyiswa incazelo entsha " yokusansimbi eyigugu engabunjiwe". Ngokulandela incazelo ephakanyisiwe, okusansimbi eyigugu engabunjiwe" kusho igolide ecwengiwe ukufika kuma-99,95% kanye nomhlambi wephulatinamu elicwengiwe laba ngaphezu kwama-99,90%. Okusansimbi engagxotshiwe okufakiwe encazelweni yokusansimbi eyigugu engabunjiwe futhi kuphakanyisiwe kumthethosivivinyo ukuthi uNgqongqoshe wezokuMbiwa naMandla , ngokuvumelana noNgqongqoshe weziMali, bangenza imithethonqubo ngokuphathelene nokukhiqizwa, izinga kanye nenani lensimbi engagxotshiwe.
b Kuyangeniswa incazelo"yokusansimbi eyigugu engalungisiwe ngokuphelele". Ngokulandela incazelo ephakanyisiwe, okusansimbi eyigugu okungalungisiwe ngokuphelele" kusho igolide ecwengiwe ukufika kuma-99,95% kanye nomhlambi wephulathinamu elicwengiwe laba ngama-99,90%. Kuphakanyiswa ukuthi okusansimbi eyigugu okubunjwe ngokungaphelele kulinganiswe ezingeni eliphansi kunokusansimbi eyigugu engalungisiwe. Ngeke kube nenzuzo kwezomnotho ukuncibilikisa okusansimbi eyigugu kuphindele kube yisigaxa njengephesenti yegolide ukufika kuma-10% okungalahleka ngenkathi kuncibilikiswa.
c Kuphakanyiswa ukuthi umsebenzi wokuphatha onikeziwe kulomthethosivivinyo unikezwe uMlawuli wokusansimbi eyigugu kanye nedayimani eNingizimu Afrika osungulwe ngokwesigaba 31 soMthetho wamaDayimani, ka-1986 uMthetho onguNombolo 56 ka-1986. Ukubekwa endaweni eyodwa kwalokhu kuphatha ngaphakathi koMlawuli kuzakuqeda ukulawulwa ngokweqile kwemboni yokusansimbi eyigugu njengoba kuchazwe esigabeni 1.2.
d UMthethosivivinyo ufuna ukungenisa ilayisensi ewuhlobo olusha, ikakhulukazi ilayisensi yobunini bokusansimbi eyigugu. Le layisensi izakutholakala esigabeni kunoma yisiphi sezimboni zokukhiqiza, ezifana nezimboni zobuchwepheshe bolwazi IT, izimboni ze-avionics, noma izimboni zezimoto ezisebenzisa okusansimbi eyigugu okungalungisiwe ukukhiqiza okwabathengi. Ilayisensi yobunini bokusansimbi eyigugu inganikwezwa kuze kube yisikhathi esiyiminyaka eyishumi. Abaphathi belayisense leyo bazovunyelwa kuphela ukuba babe nokusansimbi eyigugu okungabunjwe ngokuphelele futhi akudingekile bagcine amarejista. Kodwa kuzofanele bakhe izitatimende ezibonisa konke okusansimbi eyigugu abakutholile nabakuthengisile. UMthethosivivinyo ufuna futhi ukuguqula igama lelayisensi yomsebenzi wokutholakala futhi libe yilayisensi yokucwenga.
e Ngokuphathelene nokuthuthwa kokusansimbi eyigugu, uMthethosivivinyo udinga kuphela ukuthi umuntu othutha lokhu okusansimbi eyigugu abe nesitifiketi sokuqashwa ngomthumile sokusansimbi eyigugu kanye nekhophi eqinisekisiwe yelayisensi, imvume noma isitifiketi sothunyiwe.
Abeluleki bezomthetho bombuso kanye noMnyango wezokuMbiwa naMandla ubona ukuthi lo Mthethosivivinyo kufanele kubhekanwe nawo ngokulandela inqubo emiswe yisigaba 75 soMthethosisekelo ngoba ayiqukethe mibandela elandela inqubo emiswe esigabeni 74 noma 76 soMthethosisekelo.
Abeluleki bezomthetho boMbuso banombono wokuthi akudingekile ukuba kudluliselwe loMthethosivivinyo eNdlini yobuKhosi beNdabuko kaZwelonke ngokusho kwesigaba 18 (a) soMthetho wobuHoli noMhlahlandlela wokuPhatha ka-2003 (uMthetho onguNombolo 41 ka-2003), ngoba awuqukethe imibandela ephathelene nemithetho yamasiko noma ukwenza ngokwesiko kwemiphakathi yendabuko.
